'Itekisi ebulale abantu abangu-19 ibingenamabhuleki, ilayishe ngokweqile'

2017-08-20 19:10

Durban – Itekisi eshayise unqenqema lomgwaqo yase iyokhalakathela eweni Kwa-Zulu Natal ngeSonto, kwashona abantu abangu-19, ibingenawo amabhuleki futhi ilayishe ngokweqile, kusho uMnyango wezokuThutha.

Lesi sigameko senzeke emgwaqeni omkhulu eMsunduzi.

Isibalo sabashonile besimi ku-18 ekuseni, kepha kwathi ntambama kwaqinisekiswa ukuthi sesimi ku-19.

"Bebengu-26 abantu bebegibele kuleli tekisi elihlala abantu abangu-16 kanti uphenyo lokuqala lutshengisa ukuthi leli tekisi liphelelwe amabhuleki,” kusho uMnyango esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: Kushone 18 wabantu engozini enyantisa igazi ngakwesikaXimba

UNgqongqoshe wezokuThutha uJoe Maswanganyi udlulise amazwi enduduzo emindenini eshonelwe.

Okhulumela i-ER24 uRussel Meiring uthe le tekisi itholakale ilele ngokhakhayi kuleli wa.

Endaweni yesigameko kutholakale izidumbu ezingu-15, kwathi abanye abantu baphuthunyiswa esibhedlela lapho abanye abafike bashonela khona.

Itekisi ishaqiwe ukuze kuqhutshekwe nophenyo kanti iRoad Traffic Management Corporation yiyo ezoluqhuba.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...