Isosha lashisa umuzi wentombi ngophethiloli 'elaliwuthengele umsebenzi'

2017-10-27 14:01

Mpumalanga - Kuthiwa uphethiloli owasetshenziswa yisosha ukushisa umuzi wentombi kwakumele usetshenziselwe umsebenzi.

Leli sosha elineminyaka engu-44 ubudala lisebenzela uphiko lweSouth African Infantry Battalion, eMiddelburg, kanti liqashwe ngamaphoyisa esibhedlela njengoba lalimala kabi kulesi sigameko sangoMgqibelo.

Ngokusho kwamaphoyisa, afika emzini ose-Extension 6, eMhluzi lapho kwatholakala khona owesimame, 39, namadodakazi akhe amabili, aneminyaka engu-17 ngngu-10 ubudala, beshonile.

OLUNYE UDABA:Iyindida eyowesilisa oshise intombi nezingane besendlini

Kuthiwa leli sosha labonakala liyongena kulo muzi walo wesifazane ehamba ngetekisi lasemsebenzini emasosheni, ngemuva kwemizuzwana kwavutha ilangabi.

Ngesikhathi leli sosha litholakala linamanxeba okusha, lathi lathola ukusha ngesikhathi lisiza ukutakula umufi.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Leonard Hlathi uthi uphenyo lokuqala lubonisa ukuthi umsolwa wathenga amakani amabili angamalitha angu-25 kaphethiloli.

Ngemuva komlilo, kwatholakala ikani elilodwa etekisini leli sosha elalifike ngalo, kubika i-Middelburg Observer.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...