Isoka 'lidubule' labulala intombi noyise

2017-09-30 11:34

Johannesburg – Kudutshulwe kwabulalwa owesilisa kanye nendodakazi yakhe emzini oseReiger Park, eKurhuleni, ngoLwesihlanu ekuseni, kusho amaphoyisa..

UCaptain Kay Makhubela uthe isoka lowesifazane lifike endlini ngabo-07:00 ekuseni ngoLwesihlanu, ‘ladubula’owesifazane obesendlini.

"Ngesikhathi selihamba, liphinde ladubulala ubaba wowesifazane obesanda kupaka imoto yakhe ngaphandle komuzi.

“Udutshulwe phambi kwengane eneminyaka engu-12 ubudala ebe isibalekela kamakhelwane,” esho.

OLUNYE UDABA: Kushone ingane egwilise e-swimming pool

“Ingane eneminyaka engu-12 ubudala kukholakala ukuthi yindodakazi yowesifazane,” kusho uMakhubela.

Bobabili, owesifazane kanye noyise, bashonile.

Owesifazane uneminyaka eko-30 ubudala, kodwa uMakhubela uthe akanaso isiqiniseko ngeminyaka kababa.

UMakhubela uthe isoka lowesifazane libalekile endaweni yesigameko kanti amaphoyisa abesalithungatha.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-26°C Sunny. Mild. Pta: 19-32°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-30°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-30°C High level clouds. Warm. PE: 20-27°C More sun than clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...