Isobishini eyamatekisi edayisela amatekisi uphethiloli ngo-50c ilitha

2017-03-04 08:36

Johannesburg - Isobishini inhlangano yamatekisi esentshonalanga yeGoli kulandela izinsolo zokudayisela amalungu enhlangano uphethiloli ngamanani aphansi, ngokungemthetho.

Le nhlangano, enegaraji lalo, idayisela amalungu ayo uphethiloli ngo-50 cent ilitha.

UMnyango wezaMandla uthi akukho emthethweni ukuthi leli garaji lidayise uphethiloli ngamanani aphansi njengoba kuphambana namanani abekwe uhulumeni.

OLUNYE UDABA: Uyenyuka uphethiloli ngesonto elizayo - UMnyango

Le nkampani iDorljota iqale ukusebenza ngonyaka ophelile. Iphakela amatekisi abalelwa kwangu-300 ngosuku.

Imenenja yale nkampani ithe ifuna kuzuze amalungu enhlangano.

USihlalo uPeter Mane uthe kusemthethweni njengoba inkampani ithenga uphethiloli omnimngi mase iphakela amatekisi nezimoto zawo ngemali engu-50 cent ilitha.

Amalungu enhlangano athi ayakujabulela ukwephulelwa amanani kuphethiloli.

Leli garaji liwuthenga ePetrocom uphethiloli.

Yize kunjalo uMnyango wezaMandla uthi akukho emthethweni ukudayisa uphethiloli ngamanani aphansi. Uthi leli garaji aligunyaziwe wumnyango ukuba udayise uphethiloli ngakho akukho semthethweni ngoba uphethiloli ulandela umthetho.

 - SABC

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...