Isivuliwe imigwaqo emikhulu eKurhuleni ngemuva kombhikisho

2017-03-10 12:30

Johannesburg – Amaphoyisa kaMasipala waseKurhuleni athi isivuliwe imigwaqo emikhulu endaweni ngemuva kokuba ibivalwe yizimoto zabama-meter taxi ngase-OR Tambo International Airport ngoLwesihlanu ekuseni.

Okhulumela i-EMPD uLieutenant Kobeli Mokheseng uthe u-R21 ebheke enyakatho nangaseningizimu, umgwaqo ongenela e-Olifantsfontein, kanye nothelawayeka u-R24 obheke empumalanga phakathi kwase-Edenvale noBarbara Road ivulwe ngezithuba zabo-08:45.

Ngezithuba zasekuseni, ama-meter taxi avale uthelawayela u-R24 obheke ngasempumalanga phakathi kwase-Edenvale nomgwaqo ongenela kuBarbara Road.

OLUNYE UDABA: Bakhala nge-Uber abashayeli bama-meter taxi ababhikshayo

UMokheseng uthe alinganiselwa kwangu-60 ama-meter taxi abonakale evale umgwaqo ongenela e-Olifantsfontein obheke enyakatho, ngaseThembisa

UMokheseng uthe amaphoyisa kaMasipala, awaseGauteng, kanye nophiko olubhekana nezinkinga zamatekisi bazoqhubeka nokuqapha isimo.

Ilungu le-DA esiShayamthetho uFred Nel uthe kumele kutholakale isixazululo ngenhloso yokuqeda lokho abakhala ngakho abama-meter taxi.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-22°C Showers early. More clouds than sun. Mild. PE: 12-20°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...