ISITHOMBE: Ushonile oshayiswe yiloli kuthela wayeka u-N2

2018-01-19 15:59

eKapa -  Kushone owesilisa kwalimala kabi abanye abathathu engozini yeloli eyenzeke kuthela wayeka u-N2 e-Athlone.

Abe-ER24 bafike endaweni yesigameko bathola owesilisa edindilizile evaleleke phakathi kweloli nonqenqema lomgwaqo.

Bekukhona namanye amadoda amathathu endaweni yesigameko.

OLUNYE UDABA:Ingozi yemoto ishiye kuvalwe ngehlahla emndenini e-KZN

"Abezimo eziphuthumayo bahlole isimo salo mlisa, kwatholakala ukuthi umphefumulo usuhlukene nenyama, "kusho uRussel Meiring.

Abanye abalimele balashelwe kule ndawo ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...