ISITHOMBE: Umshayeli wetekisi uhlenge izingane ebezilahlekile

2017-12-19 12:31

eThekwini -  Kunconywe umshayeli wetekisi ngomusa wakhe ehlenga izingane.

Lo mshayeli ogamalakhe nguMbulelo Mngqenge, ubesendleleni eya eKapa ngesikhathi ebona izingane zidwanguza kuthela wayeka u-N2.

Ebona ubungozi ezingabhekana nabo lezi zingane, ume eceleni wazithatha wazihambisa emaphoyiseni aseMowbray.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele umshayeli wamatekisi 'ogwaze wabulala omunye' erenki

Lapha kufike kwafonelwa amaphoyisa aseNyanga nosonhlalakahle ukuze kutholakale abazali bazo lezi zingane.

Lezi zingane ezineminyaka engu-4 kanye no-14 ubudala ziphephile.

Umfana oneminyaka engu-4 usehlanganiswe nomndeni wakubo kanti intombazane 14 yona isesibhedlela iGroote Schuur lapho ixilongwa khona.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...