ISITHOMBE: Umndeni ucela ukufuniswa uThabang Mohale olahlekile

2017-11-22 12:30

eLimpopo - Umndeni nabangani bacela usizo lokufuniswa uThabang Mohale ohlala endaweni yaseJokong, eBolobedu South, eLimpopo.

Lo mfana oneminyaka engu-23 ubudala wabaleka ekhaya ngokwakhe, kodwa kuvela ukuthi uphazamisekile ngokomqondo.

UThabang uphila nokukhubazeka emzimbeni kanye nasengqondweni kanti isimo sakhe asisihle neze njengoba kuthiwa akakwazi ukuhamba kahle.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa acela ukufuniswa olahlekile eMehlamnyama

Ukuphazamiseka kwakhe kubi ngalendlela yokuthi unokuchaza izimo ezingekho njengokuthi kunabantu abafuna ukumbulala noma ujahwa amabhanoyi.

Uma kukhona oke wamubona noma ongase ambone, kuhle ukuxhumana namaphoyisa aseduze naye ukuze abuyiselwe emndenini wakubo, kubika iLetaba.

Nasi isithombe sakhe:


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...