ISITHOMBE: Ugalaza webhodwe ligovuzwa yinqwaba yamadoda

2017-08-16 19:35

Belgium - Umcimbi ovame ukwenziwa edolobheni laseBelgium lokwenza inkunzimalanga yeqanda uqhubekile ngoLwesibili yize kunenkinga yamaqanda okusolakala ukuthi anobuthi.

Amakhulu abantu bahlanganeye edolobheni eMalmedy bezobuka kuphekwa iqanda elikhulukazi ngamaqanda awu-10 000.

La maqanda aphekwa ngomlilo obaswe phansi nokuyinto eyenziwa yinhlangano ezibiza nge-The World Fraternity of Knights of the Giant Omelette eyasungulwa ngo-1973.

OLUNYE UDABA:Ubaba ubulale indodana ngoba 'yebe' amaqanda

Abahleli balo mcimbi bebesaba ukuthi lo mcimbi ngeke uphumelele ngenxa yenkinga yobuthi okuthiwa buhlasele amaqanda emazweni ase-Europe.

Izigidi zamaqanda azisadayiswa ezitolo ngenxa yenkinga ye-Fipronil.

Yize bebemanqikanqika ukwenza lo mcimbi, abantu baphume ngobuningi babo ukuzobeseka bazitika ngaleli qanda ebelithakwe ngobhekeni lanongwa nangezinye izithako.

GIANT OMELETTE GOES AHEAD, DESPITE EGG CRISIS
People gathered to watch the giant omelette made with 10 000 eggs https://t.co/E62Fcs6378 pic.twitter.com/HMbZQW8ZmQ

— Daily Sun (@dailysunsa) August 16, 2017 >

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 16-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...