ISITHOMBE: Selidaluliwe igama lomlingisi owashona kuqoshwa ifilimu e-KZN

2018-04-16 16:01

Durban - Amaphoyisa aselidalulile igama lomlingisi owashona ngemuva kokuwa empophomeni ngoLwesine lwangomhlaka-12 Ephreli.

Igama lalo mlingisi ngu-Odwa Shweni, 39, waseCenturion, eGoli.

Abaseshi baseWinterton sebevule idokodo kulandela lesi sigameko esashaqisa abaningi.

Kukholaklaa ukuthi uShweni wayeqopha ifilimu ngesikhathi sesigameko, washelela emi phezulu empophomeni iSterkspruit Waterfall, eMonks Cowl, eDrakensberg.

OLUNYE UDABA:Umlingisi wakuleli uwele emphophomeni kuqoshwa ifilimu eDrakensberg

Impophoma kubikwa ukuthi yayigcwele ichichima ngenxa yezimvula zakamuva.

Lo mlingisi wawela phezu kwamatshe ngesikhathi eyoshayeka phansi.

Ithimba labatakuli laseMgungundlovu nelaseMpangeni kanjalo nabezicishamlilo zasoKhahlamba babesendaweni yesigameko ngemuva kwalesi sehlakalo.

Isithombe:

 - Isithombe sicashunwe kuFacebook

 - Ladysmithgazette

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...