ISITHOMBE: Kuthiwa akenzanga lutho olubi obonakale egxotshwa ngabelungu

2018-01-18 17:38

EThekwini -  NgoLwesithathu abalungu baseManzimtoti babambe owesilisa bemsola ngokuthi nguyena ojikijela izimoto ngamatshe kusukela ebhulohweni kuthela wayeka.

Lo mlisa ungowebala elinsundu, ubonakale esithombeni esizungeza ezinkundleni zokuxhumana egxotshwa ngabelungu ababili, ngaphambi kokuba bayonikela ngaye emaphoyiseni.

Lokhu, bakwenza ngemizamo yokuqeda umkhuba onobungozi osuvame ukwenzeka kuthela wayeka u-N2 lapho abantu beshaya izimoto ngamatshe.

OLUNYE UDABA:Umalume wathumba, wadlwengula futhi wabulala umshana wakhe

Ngokusho kwamaphoyisa, lo mlisa akenzanga luthu.

Amaphoyisa athi udedelwe ngaphandle kokubekwa icala futhi akazange anikezwe nesixwayiso.

Amaphoyisa athi lokhu kungukuphambana kwezinkomishi. "Alikho itshe elijikijelwe kule ndawo, yingakho simdedelile," kusho okhulumela amaphoyisa uBrigadier Jay Naicker.

Lokhu kushiya abaningi benemibuzo ngokwenzeke ngaphambi kokuba lo mlisa ehanjiswe emaphoyiseni. Ngabe kukhona ubulungiswa ngendlela okwenzeke ngayo? Ngabe kwenzeke kanje ngenxa yombala wakhe lo mlisa? Aze agitshelwe ngonyawo bangubani bona laba abenza nje, ngoba ngokwemibiko akuwona amaphoyisa futhi akuwona amalungu enkampani yonogada, kubika iSowetanLive.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 15-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 14-23°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...