ISITHOMBE: Kushone oyedwa imoto iphaphalaza iyoshayisa umuzi

2017-06-28 14:01

Durban - Abezimo eziphuthumayo babizelwe endaweni yase-Escombe lapho kutholakale khona ukuthi imoto iphaphalaze yayongena egcekeni lomuzi.

“Lokhu kwenzeke ngasekhoneni likaMain Road noBowker Road, e-Escombe,” kusho uGarrith Jamieson okhulumela abe-Rescue Care.

UJamieson uthe abezimo eziphuthumayo bafike kule ndawo bazama ukuhlenga impilo yalo mshayeli, kodwa ngeshwa kwanhlanga zimuka nomoya.

Le moto ishayise uthango lomuzi yabhajwa esakhiweni sokungcebeleka esiseceleni.

OLUNYE UDABA:Iphaphalaze yabhajwa phezu kwendlu imoto kwaMashu

Kwesinye isigameko esenzeke kuN2 ngaseLamontville, kuhlaselwe izithandani ebezifelwe yimoto kule ndawo.

Owesilisa upake eceleni komgwaqo wayofuna uphethiloli kwasala owesimame ngaphakathi emotweni. Ngesikhathi esahleli emotweni lo wesimame, kufike abasolwa abaphihlize iwindi ngetshe bamgebenga.

La basolwa bafike bathatha konke okuthathekayo emotweni ngaphambi kokuba babaleke, kubika i-IOL.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-19°C Sunny. Mild. Bloem: -5-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Sunny. Cool. PE: 10-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...