ISITHOMBE: Kushone ingane yesikole, kwalimala ezinye engozini yetekisi eKZN

2018-03-01 12:30

Durban – Kushone ingane eyodwa endaweni yesigameko ngemuva kokuba itekisi ebithwele izingane zesikole ibandakanyeke engozini eMolweni, KwaZulu-Natal, ngoLwesine ekuseni.

Ezinye izingane zesikole ezingu-9 zithole ukulimala kule ngozi.

UMichelle Smith weMeditech Emergency Response uthi izingane ezilimele zithole ukwelashwa endaweni yesigameko, zayiswa ezibhedlela ezahlukene.

OLUNYE UDABAKushone abathathu kugetshengwa i-ATM eMadadeni

“Ingozi yenzeke ngezithuba zabo-07:20 ekuseni, kanti ngesikhathi abosizo lokuqala befika kweyesigameko bathole itekisi ibheke phezulu,” kusho uSmith.

“Bebeyishumi abagibeli etekisi kanye nomshayeli. Ngeshwa, oyedwa ushonele endaweni yesigameko kanti abanye abangu-9 bathole ukulimala okungatheni.”

Imbangela yengozi ibingakaziwa okwamanje.

ISITHOMBE: 

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...