ISITHOMBE: Kunyamalale umfundi ka-matric ekade eyobhala

2017-11-30 12:30

Johannesburg - Amaphoyisa aseThohoyandou asenxuse amalungu omphakathi ukuba asize ekuthungatheni ingane yentombazane eneminyaka engu-15 ubudala enyamalale ngesonto eledlule.

UMusetsho Anzani, obefunda eMbilwi High School, eMakwarela Extension 3, wagcina ukubonwa ngumama wakhe ephuma ekhaya elibangise esikoleni ukuyobhala izivivinyo zokuphela konyaka ngoLwesihlanu, wangaphinde wabuya ekhaya.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Moatshe Ngoepe uthe le ngane yinde, yincane ngomzimba kanti iyakhanya ngebala.

OLUNYE UDABA: ISITHOMBE: Amaphoyisa acela usizo lomphakathi ukuthola lo msolwa

Yanyamalala igqoke umfaniswano wesikole.

UNgoepe unanele ngokuthi umndeni yiwo owaqale waphuma inqina uyoyithungatha, kepha kayizange itholakale.

Unxusa ongaba nosizo ekutheni kutholakale le ngane ukuba axhumane nesiteshi samaphoyisa esiseduzane noma iCrime Stop ku-08600 10111.

ISITHOMBE:

- Daily Sun

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...