ISITHOMBE: Kulimale abangu-15 itekisi ishayisana neloli

2017-08-12 08:29

Pretoria - Kulimale abantu abangu-15 ngesikhathi itekisi lishayisana neloli ekhoneni likaNana Sita noKgosi Mampuru eTshwane ngoLwesihlanu ntambama.

Abezimo eziphuthumayo babizelwe endaweni yesigameko ntambama ngo-16:40.

Ngesikhathi abe-ER24 befika bathole ukuthi kunowesimame obevaleleke etekisini.

Abanye abesimame abathathu balimale kabi, kanti abanye ababili bebehuzukule kancane.

OLUNYE UDABA:BUKA: OwaseMlazi ushone ebukisa ngekhono lakhe lokuba yisigora

Bathathu abantu abaphuthunyiswe esibhedlela saseTshwane.

Kukholakala ukuthi abanye abagibeli abangu-12 bahanjiswe ezibhedlela ngabezinye izinkampani zezimo eziphuthumayo.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-20°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-20°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...