ISITHOMBE: Kulimale abagibeli abangu-15 engozini ye tekisi

2017-09-13 12:31

Durban - Kulimale abantu abangu-15 engozini ebandakanya itekisi ku-R56 phakathi kweRichmond nase-Pietermaritzburg.

Okhulumela abe-ER24 uRussel Meiring uthe abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko emini ngo-13h00 bathola itekisi lilimele kabi futhi kukhona nezinye izimoto ezincane ezibandakanyeke kule ngozi.

Zontathu izimoto zilimale kabi kule ngozi.

OLUNYE UDABA:Kuvalwe umgwaqo eMpangeni kulandela ingozi enyantisayo

Abezimo eziphuthumayo basize abantu abathathu abebevaleleke etekisni. Uyedwa umuntu otakulwe evaleleke emotweni encane.

Ngesikhathi kuhlolwa isimo, kubonakale ukuthi babili abantu abalimele kabi kanti abangu-13 babe nemihuzuko emincane.

Bonke abalimele balashelwe kule ndawo ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...