ISITHOMBE: Kulimale ababili isitimela sishayisa imoto

2017-05-23 18:00

eKapa - Kulimale abantu ababili ngesikhathi isitimela sishayisa imoto emgwaqeni u-Uxbridge Road eLakeside, eKapa.

Lokhu kwenzeke ngoLwesibili emini, ngokusho kukaRichard Bosman okhulumela uMasipala waseKapa. Uthe abantu ababili bavaleleke phakathi emotweni ngesikhathi beshayisana nesitimela endaweni okuvame ukweqa kuyo izimoto.

“Abantu ababili, okungowesilisa kanye nowesimame, bavaleleke emotweni ngemuva kokuthi le moto ishayisane nesitimela,” kusho uBosman.

Abe-ER24 bathi bafike kule ndawo bathola le moto incike esitimeleni ngakujantshi.

OLUNYE UDABA:Abagibeli badune isitimela, basikhomba KwaMashu ngenkani

“Ngesikhathi kuhlolwa isimo kutholakale owesimame nowesilisa bengaphakathi emotweni, laba bebesesimweni esibucayi kakhulu," kusho abe-ER24.

Kusize abezicishamlilo kanye nomasipala abasebenzise izinsiza ezikhethekile ukubatakula.

Ngemuva kokukhishwa kwalaba emotweni, abezimo eziphuthumayo babalaphele kule ndawo ngaphambi kokubaphuthumisa esibhedlela.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Light rain late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...