ISITHOMBE: Kulimale ababili beginqika nemoto

2017-11-18 12:34

eThekwini -  Kulimale kabi abantu ababili ngesikhathi imoto abebehamba ngayo iginqika izikhawu ezimbalwa eP185 endaweni yase-Evander.

Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko ngo-04h00 ekuseni.

Ngesikhathi befika bathole owesillisa eyaluza eceleni kwemoto kunowesimame obesavaleleke phakathi.

OLUNYE UDABA:Kuphume imiphefumulo kushayisana imoto neloli eMpumalanga

Ngesikhathi kuhlolwa isimo sabo, kutholakale ukuthi bobabili balimele kabi.

Balashelwe kule ndawo ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela iMediclinic Highveld.

Imbangela yale ngozi ayaziwa.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ushonile owesilisa oshayiswe yimoto ePMB

Emizuzwini eyi-46 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 15-26°C Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 13-24°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 16-24°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-21°C Showers late. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...