Isithombe: Kuhlaselwe kwashiswa umshayeli we-Uber ePitoli

2017-06-12 19:30

Pretoria - Kunesithombe ne-video ezongeza emafonini abashayeli be-Uber okubonakalisa uzakwabo ehlaselwa ngoMgqibelo ebusuku endaweni yaseLoftus.

Lokhu kwenzeke eduze kwenkundla lapho bekudlalelwa khona umdlalo wombhoxo kanti abakwa-Uber yibona abaqinisekise ukuthi le-video nesithombe okwangempela.

USamantha Allenberg, obhekelele ezokuxhumana ezwenikazi lase-Afrika uthe: "Abakwa-Uber bashaqekile ngokuhlaselwa ngesihluku esingaka ngomunye wabashaye babo nale mpelasonto. Ubudlova obufana nalobu abamukelekile neze futhi siyabugxeka.

OLUNYE UDABA:Kushiswe isikole kubhikisha umphakathi - Umbiko

Uphenyo lokuqala luveze ukuthi lomshayeli uhlaselwe yiqoqo lamadoda esedolobheni lasePitoli.

Yize iminingi imibiko yokuthi abashayeli be-Uber bahlaselwa abashayeli bama-metered taxi, kodwa asaziwa isizathu sokuhlaselwa kwalo mshayeli nokuthi ngabe lokhu kuyahambisana na nodlame lokungabekezelelani kwabe-uber nama-metered taxi.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-28°C Drizzle. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 18-26°C Drizzle. Mostly cloudy. Warm. Bloem: 18-28°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 18-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...