ISITHOMBE: Kubanjwe inkunzi isitolo sakwaGame eThekwini

2017-08-24 16:00

Durban - Izigebengu seziphinde zabamba inkunzi esinye isistolo esikwenye inxanxathela yezitolo eseThekwini.

Lezi zigebengu ziphihlize amawindi neminyango ukuze zizokwazi ukungena ngaphakathi esitolo sakwaGame esisenxanxatheleni yezitolo iCity View ngakuMathews Meyiwa Road izolo ebusuku.

OLUNYE UDABA: Kubanjwe inkunzi esinye isitolo samaselula eThekwini

Okhulumela amaphoyisa uNqobile Gwala uthe izigebengu zibaleke endaweni yesigameko nobucwebe, omabonakude nezikhwama.

"Isisulu besingaphakathi esitolo ngesikhathi kungena amadoda amathathu angaziwa asikhomba ngesibhamu. Abasolwa babaleke ngezinyawo ngemuva kokuphanga," kusho uGwala.

Kuvulwe icala lokuphanga kanti kusaphenywa.

 - Newswatch

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 17-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 19-32°C Scattered showers. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-31°C Afternoon clouds. Warm. PE: 21-27°C More clouds than sun. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...