ISITHOMBE: Ishe yangqongqa itekisi ebithwele abagibeli ePinetown

2017-03-03 11:02

Durban – Uyiqale kabi impelasonto umshayeli wetekisi ebithwele abagibeli ePinetown, ngaphandle kweTheku, kulandela ukuvutha amalangabi kwayo maqede yayoshayisa udonga.

Okhulumela abosizo lokuqala kwa-Rescue Care, Garrith Jamieson, uthi bathole ucingo oluphuthumayo ngezikhathi zabo-06:00 ekuseni nalapho bebikelwe khona ukuthi kunetekisi evutha umlilo kuCrompton Road.

OLUNYE UDABA: Ishonile ingane ekhalakathele emgodini wethoyilethi eKZN

“Itekisi livele lokheleka ngomlilo,” kusho uJamieson.

Wonke umuntu ukwazile ukuphuma ngaphandle kokuthola ukulimalala kanti itekisi livele lazihambela laze layoshayisa ibhilidi nalapho liqhubeke khona nokuvutha.

Abezokucinywa komlilo ePinetown bagcine bewucimile umlilo.

Kuzokwenziwa uphenyo ukuze kutholakale ukuthi kwenzakaleni.

Akucaci ukuthi bangaki abagibeli abebephakathi njengoba abezimo eziphuthumayo befike kule ndawo sekunequlu labantu abebebukela obekwenzeka.

The taxi after it burst into flames in Pinetown

Itekisi ebelisha ubuhanguhangu neliphinde lashayisa ibhilidi ePinetown. (Isithombe: sithunyelwe).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-17°C Sunny. Mild. Pta: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-24°C Sunny. Mild. Bloem: 3-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 13-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 10-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...