Isithombe: Ishaqise abaningi i-meme kaJoost enokucwasa ngokwebala

2017-02-07 19:34

Cape Town - Imboni yewayini yaseKapa isiziqhelelanisile nendoda efake isithombe esinokucwasa mayelana nokudlula emhlabeni kowayengumdlali webhola lombhoxo uJoost van der Westhuize enkundleni yezokuxhumana iFacebook.

Izinkundla zezokuxhumana ziphayize ilambu elibomvu ngemuva kokuba uRiaan Lucas, okukholakala ukuthi ngowaseGoli ufake isithombe, ngemuva kokuba kumenyezelwe ukushona kukaVan der Westhuizen ngoMsombuluko.

ULucas ubhale ukuthi: "Useshonile uJoost" wafaka nesithombe esinombhalo othi "buka mina, uma ngizwa ukuthi kushone indoda yebala elimhlophe. Lala kahle Joost" esithombeni somlingisi uTobey Maguire.

OLUNYE UDABA: Akatholakalanga ephawula omiselwe ukucwasa kuFacebook

ULucas useyivalile i-akhawunti yakhe yaFacebook, kodwa i-profile yakhe ibhale ukuthi wake waba yimenenja enkampanini yewayini i-South African Wine Institute, kubika iNetwerk24.

Ngokusho kwe-profile yakhe, ungowaseKapa futhi wafunda eCape Wine Academy. 

Le kolishi iqinisekise kuFacebook ngoLwesibili ukuthi uLucas wafunda kuyo ngo-2011 yase iziqhelelanisa nombhalo wakhe.

I-Institute of Cape Wine Ministries nayo ithe ayinabo ubudlelwano noLucas futhi akasayisebenzeli nenkampani.

Ifemu yewayini iTaste of Terroir iqinisekise ukuthi uLucas wagcina ukuyisebenzela ngo-2014.

UVan der Westhuizen udlule emhlabeni ngoMsombuluko ngemuva kokuphuthunyiswa esibhedlela esesimeni esibucayi ngoMgqibelo. 

 - Isitombe (meme):

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More sun than clouds. Mild. Pta: 14-26°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 12-22°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 9-20°C High level clouds. Mild.
Dbn: 19-22°C Rain showers. Afternoon clouds. Cool. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...