ISITHOMBE: Amaphoyisa aseMpumalanga acela ukufuniswa lo olahlekile

2017-09-28 15:59

eHammarsdale - Amaphoyisa aselokishini laseMpumalanga, KwaZulu-Natal, acela usizo lomphakathi ngokuthungatha owesilisa olahlekile.

Kubikwa ukuthi lo odukile, okunguVusumuzi Ndlovu oneminyaka engu-28 ubudala, uhlala esigcemeni sakwa-A kuleli lokishi.

UNdovu wagcina ukubonakala ngomhlaka-12 kwephezulu eyogunda izinwele emini ngabo-12:00.

OLUNYE UDABA:OLAHLEKILE: UThobile Kunene wahamba ekhaya eyothenga ukudla ezitolo

Kuthiwa wahamba egqoke ihembe elikhakhi, nebhulukwe elikhakhi kanye namateki amnyama. Mude futhi unomzimba owondlekile kancane kanti kubikwa ukuthi uphazamisekile engqondweni.

Amaphoyisa anxusa amalungu omphakathi anolwazi ngokuthi ukuphi, axhumane noSergeant Nompilo Gumede ku-031 771 8036 noma ku-076 236 5987. 

ISITHOMBE:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...