ISITHOMBE: Abasolwa babanjwe sebezihlinzile izimbuzi abazebile

2017-03-30 14:09

Mpumalanga - Amaphoyisa aphuthume epulazini lasePrimkop, eMpumalanga, kulandela ukulunywa indlebe ngabasolwa abebe izimbuzi.

Kuthiwa laba basolwa beba izimbuzi ezimbili epulazini lasePlatsak, kubika iMpumalanga News.

OLUNYE UDABA:'Wazishaya isifuba ngokudlwengula imbuzi'

Elandela umkhondo, amaphoyisa athole abasolwa sebezihlinzile izimbuzi, izikhumba sezinekwe egcekeni.

Amaphoyisa ashaqe amaqatha enyama kanye nezikhumba njengobufakazi.

Laba baboshiwe base bebekwa icala lokweba kanti futhi ababuzwanga ukuba bayalivuma noma bayaliphika na icala ngesikhathi bevela eNkantolo yeMantshi yaseWhite River, khona eMpumalanga.

(isithombe: sithunyelelwe amaphoyisa)

Meat and carcasses recovered.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...