Isitholakele ingane eyebiwa yisihlobo endaweni yaseMbayimbi

2017-10-22 13:32

eThekwini - Uphiko oluphenya uhlame lwasikhaya, ukuvikeleka kwezingane kanye namacala ocansi lugcine luphumelele ecaleni lokwebiwa kwengane.

Bese kuphele amasonto ambalwa kuthungathwa uNqobile Nkonyeni/Ndovela, 19, waseGamalakhe owanyamalala nengane enezinyanga ezingu9.

Lokhu kwenzeka ngomhlaka 23 Septhemba 2017 ngesikhathi abazali bengane bamshiya nayo baya emsebenzini ngoba wayevakashile futhi ecele ukubasalela nengane.

OLUNYE UDABA:Umzala webe ingane eyoyibonisa isoka alikhohlisa ngokuthi ukhulelwe

Lo msolwa kuthiwa ngoLwesihlanu washiya le ngane endlini yesihlobo wasitshela ukuthi usayokhokhela itekisi abeligibebili.

Kuthiwa uphume lapho wahamba wangabheka emuva eshiya ingane nalesi sihlobo.

Kubizwe amaphoyisa ukuba angenelele kulolu daba.

Lengane iphuthunyiswe esibhedlela ukub iyohlolwa ngaphambi kokuba idluliselwe kubazali bayo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...