Isitholakele ingane ebithunjwe eMbilo

2017-11-19 13:00

eThekwini - Amaphoyisa asekhiphe umbiko okuthi isitholakele ingane yentombazane ebilahleke endaweni yaseMbilo.

Le ngane ogama layo nguDelico Bagaya itholakale ihambe emgqaweni waseVerulam ngeSonto ekuseni itholwa yinkampani yonogada.

Le ngane iphuthunyiswe esibhedlela ukuze ihlolwe impilo ngaphambi kokubuyiselwa emndenini wayo.

Amaphoyis athi lusaqhubeka uphenyo mayelana nokuthunjwa kwayo.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa acela usizo lomphakathi ngentombazane elahlekile

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthi uDelico Bagaya bekadlala nomzala wakhe emgwaqeni ngesikhathi ethathwa abasolwa abangaziwa behamba ngemoto.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-22°C Showers early. More clouds than sun. Mild. PE: 12-20°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...