Isiteleka samabhasi singase siphazamise imashi ehlelwe amaqembu aphikisayo

2017-04-11 16:01

Johannesburg – NgoLwesibili i-National Union of Metalworkers of SA (NUMSA) inxuse abagibeli bamabhasi ukuba benze ezinye izinhlelo zokuthola izinto zokuhamba njengoba kuzoba nesiteleka.

Okhulumela le nyunyana uPhakamile Hlubi uthe: “Siqwashisa abantu abebehlele ukusebenzisa amabhasi ngoLwesithathu ukuba benze eminye imizamo kusenesikhathi. Uma singafinyeleli esivumelwaneni nabaqashi, isiteleka siyaqhubeka.”

AbeGautrain nabo batshele abagibeli babo ukuthi uhlelo lwabo lwamabhasi luzophazamiseka ngoLwesithathu yize izitimela zizobe zisebenza njengokwejwayelekile.

OLUNYE UDABA:Sihambisana nodlame isiteleka samatekisi eThekwini

Ngokubika kwe-Timeslive, lesi siteleka samabhasi singahle siphazamise imashi yamaqembu aphikisayo.

Amaqembu aphikisayo okubalwa kuwo i-DA‚ COPE‚ IFP‚ EFF‚ ACDP‚ APC kanye ne-UDM ahlele ukumashela e-Union Building ukuqinisa izikhalazo zawo ngokuthi uMengameli uJacob Zuma kumele ehle esikhundleni sakhe.

INumsa ithe kuzophazamiseka ukusebenza kwamabhasi angaphansi kwezinhlangano iSA Bus Operators Association kanye ne-SA Bus Employers Association.

Lokhu kusho ukuthi izinkampani ezifana noPutco‚ Mgqibelo‚ Mayibuye‚ Buscor‚ Golden Arrow‚ Megabus‚ Mega Express‚ Bojanala‚ Gauteng Coaches‚ Itereleng‚ Ipelegeng‚ Atamelang‚ Autopax‚ Great North Transport‚ ReaVaya‚ Phola Coaches‚ PAL Bus kanye noGreyhound yizona ezithintekayo.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...