Isiteleka asihlangene nepolitiki noma ukwahlukana - Sdumo Dlamini

2017-09-27 11:02

Durban – UMengameli weCosatu uSdumo Dlamini uthi isiteleka sangoLwesithathu asihlangene nokwahlukana phakathi okukhona noma ipolitiki kodwa simayelana nezinkinga zabasebenzi.

Izinkulungwane zabantu ezweni lonke kulindeleke zibeyingxenye yombhikisho okuzobe kukhalwa kuwoba ngezinto ezifana ne-state capture kanye nenkohlakalo.

UDlamini uyichithile imibiko yezinye izinyunyana ezifana neSouth African Federation of Trade Unions neNational Union of Metalworkers of South Africa ethi imashi iyadukisa.

OLUNYE UDABA: Umengameli weCosatu uphika eyekhefu lokugula 

Uphinde wagxeka uZwelinzima Vavi, wathi kumele anake izindaba zakhe akhohlwe yiCosatu.

“Sikhuluma ngezimfuno zabasebenzi kulelizwe, asincintisani neminye imifelandawonye yezinyunyana, emisha noma emidala.”

Izinkulungwane zabantu kulindeleke zimashe enkabeni yedolobha laseThekwini zilibhekise ehholo ledolobha ziyonikeza uNdunankulu waKwaZulu-Natal uWillies Mchunu, incwadi yezikhalazo.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-32 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...