Isisebenzi sikaMasipala sixoshelwe ukukhiphela inkampani yaso amathenda

2018-01-12 16:02

Johannesburg - Isisebenzi sikaMasipala waswGoli sixoshiwe ngemuva kokutholakala ukuthi besikhwabanisa amathenda.

Lesi sisebenzi kuthiwa besikhipha amathenda siwakhiphela inkampani yaso, lokhu kuvezwe wumeluleki walo masipala ngoLwesihlanu.

OLUNYE UDABA:Kubulawe unogada wokhulumela uMasipala waseMsunduzi

"Lesi sisebenzi besiyingxenye yezamabhizinisi ngaphandle kokuthola imvume kuMasipala nokungukwephula umthetho, futhi ubekhwabanisa izinqubo zokukhishwa kwemisebenzi ukuze azuze nokuyinto engahambisani nemigomo yalo masipala."

Eminye imininingwane mayelana nalesi simo nokuthi kuzokwenziwani ngalesi sisebenzi ibingakakhishwa.

Ngonyaka odlule oKlebe babopha abasebenzi abangu-8 balo masipala ngokukhwabanisa imali engango-R2.4m.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...