Isisebenzi sasendlini esashada umqashi siboshelwe elokubulala

2017-01-27 13:02

Hammanskraal - Owesimame kanye nesoka lakhe babhekene necala lokubulala umyeni walo wesimame, kubika iCitizen.

Laba basolwa bagoqe umzimba kamufi ngengubo bawubeka izinsuku ezimbili besagubha ithuna emahlathini eHammanskraal.

Lo wesimame, 37, ubenamasonto amabili athungathwa amaphoyisa ngaphambi kokuba azinikele yena esiteshini samaphoyisa aseTemba, ngemuva kwamahora ambalwa amaphoyisa egubhe umzimba womyeni eBosplaas.

OLUNYE UDABA:Ukhishwe yinkosikazi yakhe obedlalisela isisebenzi umphambili

USelaelo Lekalakala, 61, obesebenzela uhulumeni bekulindeleke ukuba athathe umhlala phansi kulo nyaka kodwa wabulawa ngomhlaka 30 Disemba emzini wakhe oseRamotse section.

Ngokusho komakhelwane, umkakhe omusha abesanda kushada naye, wayeyisisebenzi sakhe kusukela ngo-2014 ngemuva kokuthi ashonelwe umkakhe.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni uKay Makhubele isoka lalo nkosikazi lona lasiza ngokungcwaba isidumbu sikamufi ilona elabikela amaphoyisa ngalesi sigemeko.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C High level clouds. Mild. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-24°C Showers late. Broken clouds. Mild. Bloem: 16-25°C Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 21-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 19-26°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...