Isisebenzi sakwa-Eskom esabulawa 'sasizompimpa umsolwa'

2017-06-27 12:31

Johannesburg - Isisebenzi sakwa-Eskom esabulawa, uThembisile Yende, 30, sasizodalula udaba lokudayiswa kwama-copper ngokungemthetho okwakwenziwa ngumsolwa, uDavid Ngwenya, 44, ngaphambi kokuba abulawe

NgoMsombuluko, iNkantolo yeMantshi eSprings itshelwe ukuthi ufakazi ophambili utshele amaphoyisa ukuthi uYende wabulawa ngoba wayenolwazi ngezenzo zikaNgwenya zokudayisa komthofu futhi lolu daba wayezolubika ezikhulwini zakwa-Eskom.

Umseshi uChristo Lotz utshele inkantolo ukuthi uYende wajovwa ngesidakamizwa ukuze ezophelelwa ngamandla, wabe eseyiswa esikhungweni sasePieterboth nokuyilapho afike washaywa khona waklinywa.

Imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu yaveza ukuthi wazama ukulwa kodwa wehlulwa ngamandla.

OLUNYE UDABA: Iphoyisa lidubule uzakwabo beziqeqesha

ULotz uthe isidumbu sakhe safihlwa izinsuku ezintathu, sabe sesiyobekwa e-storeroom ukuze kubukeke sengathi uzibulele.

"UNgwenya wayenabanye abantu besilisa abamsiza nokumanje basathungathwa ngamaphoyisa. Kuthiwa wabafonela wabatshela ukuthi imfihlo yabo ayisaphephile ngakho kuzomele uYende abulawe,” kusho uLotz.

ULotz uthe uNgwenya wayethandana noYende, kodwa uNgwenya ubonakale enikina ikhanda, ephika ukuthi wayethandana noYende.

- Times Live

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...