Isiqalile inqubo yokufaka izicelo zoxhaso lwezimali kwa-NSFAS

2016-08-17 12:38

Durban - Uxhaso lwezimali kusukela kwi-National Student Financial Aid Scheme lungale lube phezu kuka-R10 bhiliyoni, kubika iSowetan.

Yize kunjalo, lesi sikhwama sesibuyise imali elinganiselwa kuR 66 miliyoni kusukela kulabo abakweletayo.

OLUNYE UDABA:I-NFSAS izogodla amandla okulawula imali yabafundi kumanyuvesi

“Isabelo sezimali sangonyaka ozayo asikakhishwa, kodwa sikhushuliwe kusukela kuR3.2 bhiliyoni wango-2009 kuya kuR10 bhiliyoni ngo-2016,” kusho uKagisho Mamabolo okhulumela lo mnyango.

UMamabolo uthe sebeqalile ukwamukela izicelo kubafundi ngohlelo lokubhalisa online kanti lokhu kuzovalwa ngomhlaka 30 kuNovemba 2016.

Uqhubeke wathi ingxenye yesabelo sezimali izofakwa kubafundi abasenyuvesi kuthi enye inikezelwe kulabo abazobe beqala ukufunda ngonyaka ozayo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Passing showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain showers. Afternoon clouds. Mild. Bloem: 6-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C More sun than clouds. Mild. PE: 11-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...