Isiphepho sesidale umonakalo ezibhedlela eziseThekwini

2017-10-10 14:00

Durban - Sishiywa kukhalwa lapho esike sadlula khona isiphepho esiqhubekayo nokuhlasela eThekwini njengoba sidale izikhukhula kanye nesiminyaminya emigwaqeni.

Kulesi siphepho kuphinde kwacekeleka phansi izibhedlela ezithathu, okubalwa kuzo iKing Edward Hospital, i-Addington kanye nePrince Mshiyeni Memorial Hospital.

Ngokombiko woMnyango wezeMfundo e-KZN, zingaphezu kuka-300 izikole ezicekeleke phansi ngenxa yesiphepho, kanti kwezinye izindawo kubikwe ukuthi sekushone okungenani abantu abathathu kulandela isimo sezulu esingesihle.

Lesi siphepho esihlasele eThekwini ngoLwesibili besingabheki lutho ephambi kwaso njengoba kucekeleke phansi imizi, amabhulohwe kanye nezimoto.

Zilokhu zitheleke njalo izithombe ezitshengisa umonakalo odalekile ezinkundleni zokuxhumana njengoba umgwaqo omkhulu u-N2 enizinimu yeTheku kudingeke ukuthi uvalwe ngenxa yokuthi ubugcwele amanzi.

Buka i-video ngezansi:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

#ANC54: Ungubani uDavid Dabede Mabuza?

Emizuzwini eyi-7 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...