Isinqumo sikaZuma sokudlulisa isinqumo senkantolo sicasule uRamaphosa - Umbiko

2018-01-21 15:38

Johannesburg – Isinqumo sikaMengameli Jacob Zuma sokufaka isicelo sokuphikisa isinqumo senkantolo sokuba iphini lakhe, uCyril Ramaphosa, kube yilona eliqoka umqondisi omusha we-NPA kungenzeka ukuba sesimdalele amazinyo abushelelezi.

Lesi sinqumo sakhe sibonakale njengokungamhloniphi umengameli we-ANC uRamaphosa, sacasula nabalandeli bakhe, kubika iCity Press ngeSonto.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe owesilisa ngelokubulala isalukazi

Lokhu kwenze uDavid Masondo noBheki Cele ukuba bafake isiphakamiso kuleli sonto emhlanganweni wesigungu esiphezulu se-ANC sokuba kuhlelwe ukukhishwa kukaZuma esikhundleni.

Imibiko ethi uZuma uhlela nokwenza izinguquko ebuholini bamabhizinisi kahulumeni kuthiwa yenze abaholi be-ANC bafune kusheshiswe ngodaba lokukhishwa kwakhe esikhundleni.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 15-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 14-23°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...