Isinqumo se-NEC ye-ANC asisho lutho ngoba uZuma usanguMengameli - Maimane

2018-02-13 16:00

Johannesburg - Isinqumo se-National Executive Committee sokuyalela uJacob Zuma ukuba ehle esikhundleni ngese-ANC kuphela, asinamthelela njengoba uZuma usanguMengameli wezwe – futhi angasishaya indiva, kusho umholi weDemocratic Alliance uMmusi Maimane.

"Kuze kube ufaka incwadi yokwesula, lesi sinqumo asisho lutho.

"Iqiniso wukuthi uJacob Zuma usanguMengameli, usaphethe izintambo zoMbuso…”

OLUNYE UDABA: I-ANC inqume ukuketula uZuma

UMaimane uthi iyodwa kuphela indlela uZuma angakhishwa ngayo esikhundleni njengoMengameli, ukuvotelwa kwesiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bakhe ePhalamende.

"YiPhalamende elikhetha nelikhipha uMengameli wezwe, akuyona i-ANC.

"Ngakho, isiphakamiso se-EFF sokungethenjwa kobuholi bakhe, esihlelelwe uFebhuwari 22, kumele sibekwe eqhulwini, sidingidwe kuleli sonto, ukuze iPhalamende limkhiphe uZuma.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-24°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...