Isinde ngokulambisa ingane edubuleke ekhanda

2017-08-21 09:32

Cape Town – Intombazane eneminyaka engu-12 ubudala isinde ngokulambisa ngemuva kokudutshulwa ekhanda.

Le ntombazane idubuleke ngesikhathi kudubulana abamaqembu ezigebengu eFactreton ngeSonto.

Intombazanyana ibihlezi ngaphandle komuzi wakubo ngesikhathi ushayasibhamu evulela ngenhlamvu.

OLUNYE UDABA: Owesilisa usolwa ngokudubula owesifazane onqabe ukuhamba naye

UCheslin Steenberg wezokuphepha komphakathi eKensington uthi ushaqekile ngendlela intsha esebenzisa ngayo izibhamu endaweni.

USteenberg ucela umphakathi ukuba uze nemininingwane engasiza kutholakale ushayasibhamu.

Amaphoyisa aseKapa athi akukaboshwa muntu okwamanje kodwa uphenyo luyaqhubeka.

- EWN

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 21-27°C More sun than clouds. Warm. Pta: 15-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-30°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-32°C Widely scattered tstorms. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-28°C a mixture of sun and clouds. Warm. PE: 22-26°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...