Isimanga umufi ebeletha ingane esebhokisini

2018-01-18 18:00

Johannesburg - Umphakathi wasendaweni esemakhaya esifundazweni i-Eastern Cape usashaqekile namanje ngemuva kokuba owesifazane oseshonile ebelethele ebhokisini lomngcwabo.

Lesi sigameko sishiye abantu bebambe ongezansi, abanye bethi ukuthakatha lokhu ngemuva kokuba umufi, 33, onezingane ezintathu, waseMthayisi Village ngaseMbizana, ezalele ebhokisini.

Lokhu kubonwe yizisebenzi zasemakhazeni ngemuva kwezinsuku eziyishuni ashona Nomveliso Nomasonto, ngaphambi kosuku lomngcwabo.

Izisebenzi zasemakhazeni bezithuthumela ngemuva kwesigameko.

Umnikazi weLindokuhle Funeral Parlour uFundile Makalana uthi: "Besithukile futhi sinokwesaba, asitholanga nesikhathi sokubheka ubulili bengane. Sekuneminyaka engu-20 ngikuleli bhizinisi, angikaze ngizwe ngowesifazane ozala eseshonile.”

OLUNYE UDABA: Kuqubuke oluny eudlame kubhikishwa ngaphandle kwesikole

Ingane ezalwe isishonile kanye nonina bangcwatshwe ngoMgqibelo, ngebhokisi elilodwa elikhulu.

Umama kamufi, uMandzala Mdoyi‚ 76‚ uthi indodakazi yakhe yashona ngokuzuma ngemuva kokuphelelwa umoya. Kanti yayinezinyanga ezingu-9 ikhulelwe.

Okhulumela umndeni uMbikelwa Mpithi uthi bazoxhumana nongoti bezempilo kanye nezangoma ukuthola kabanzi ngokuzala komuntu eseshonile.

Iphephandaba lithi, ngokusho kongoti bezempilo elikhulume nabo, ingane ingaphuma esiswini sikanina uma eseshonile ngenxa yokuthi izinyama zisuke sezingasayibambile esiswini.

- Herald

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 15-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 14-23°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...