Isimanga kushiswa inkukhu kubekwe namabhodlela omuthi ethuneni ngobumnyama

2017-12-13 08:02

eGoli - Abasebenzi basegalagi abasebenza ebusuku bamangale bezwa umsindo nokunqunywa kwenkukhu emathuneni futhi kushunqa intuthu.

Kodwa abakholwanga yilokhu abakubone ngosuku olulandelayo sebephuma emsebenzini.

Lezi zisebenzi zinqamula emathuneni ase-Lenasia South uma sebebheke emakhaya nokuyilapho ababone khona umhlola abakholwa wukuthi uhambisana nomsindo abebewuzwa ebusuku.

Babone kubekwe amabhodlela omuthi, awotshwala kanye nenkukhu eshile.

Le nkukhu emnyama ibiboshwe inyamo ilengiswe ezigxotsheni ezimbili, nezinyawo zayo ziboshiwe.

Kusobala ukuthi le nkukhu ishiswe iphila.

OLUNYE UDABA: Usebenzisa umuthi ukulala nabo bonke abesifazane esigodini sangakubo

Okungacacile kahle wukuthi yithuna likabani leli okwenziwe kulo kanje ngoba belingekho igama.

Laba basebenzi batshele abeDaily Sun ukuthi: “Ubuthakathi bodwa lobu. Ngubani ongenza into efana nalena ethunen? Ngabe bafuna ukulimaza bani?

Umbala wale nkukhu uhambisana namabhadi.

Laba basebenzi bathi sebeyasaba ukuhamba kule ndawo ngoba abazi ukuthi laba abebenza lokhu bebehloseni.

ISangoma uPrecious Sithole uthe kuyacaca ukuthi wubuthakathi lobu."Inkukhu emnyama iwuphawu lwebhadi. Ungathola ukuthi kukhona ofuna ukuthatha umoya walo oshonile ayowusebenza.


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...