Isimanga indoda ibhokoda ingane, 3, kubangwa i-TV

2016-10-05 19:30

Durban – Umphakathi umfuna ehambile endaweni owesilisa ophazamisekile ekhanda osolwa ngokubhokoda ngommese ingane yomfana, 3, ecasulwa ukuthi umsithe umabonakude.

UMthunzi Mbanjwa, 27, waKwaWoshi, eBulwer, ubevele enkantolo ngoMsombuluko ngecala lokubulala uBandile Memela, kubika iSolezwe.

Ilungu lomphakathi elicelwe ukungadalulwa igama, lithe uMbanjwa uyaziwa ukuthi uphazamisekile emqondweni kepha bebengakaze bamcabangele into enje.

OLUNYE UDABA: Ubhokode intombi ngommese wazibulala naye ngenxa yesikhwele

“Kusithusile impela ukuzwa ukuthi ugwaze ingane yesihlobo sakhe yaze yashona. Kuthiwa wacikwa ukuthi ingane imsithe umabonakude, wabe esesukuma waya ekhishini wabuya nommese,” kusho ilungu.

Lithe uma kungukuthi uMbanjwa useyingozi, kumele ayiswe esikhungweni sabaphazamisekile ekhanda ayohlala khona.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele uthe kuphenywa ngecala lokubulala.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kubanjwe inkunzi abosizo lokuqala e-PE

Emizuzwini eyi-39 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 18-26°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 22-27°C a mixture of sun and clouds. Warm. PE: 18-24°C Rain early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...