ISilo sinxuse amaZulu ukuba anikele ngo-R5 umuntu emunye

2018-02-28 12:30

Pietermaritzburg - ISilo samaBandla iNkosi uGoodwill Zwelithini inxuse amaZulu ‘angempela’ ukuba anikele ngo-R5 umuntu emunye noma ngaphezulu ukuze bezokwazi ukuhlanganisa ithimba labameli ukulwisana nesinqumo sePhalamende uma liphetha ngokuhoxisa iNgonyama Trust Act.

Ngesikhathi sikhuluma kuvulwa isiShayamthetho saKwaZulu-Natal, iSilo sithe sizokwenza konke okusemandleni aso ukuvikela ukuhlakazwa kwaleli bhodi. Sithi ibhodi lizohlanganisa ithimba labameli abaphezulu ukuze libasize.

UBhejane phuma esiqiwini ubekhuluma nezinkumbi zabantu, okubalwa kuzona nobengumengameli wezwe uJacob Zuma, ngesikhathi ethula inkulumo yokuvula isiShayamthetho eMgungundlovu ngoLwesibili.

“INgonyama Trust Board izohlanganisa ithimba labameli kanye namajaji asathatha umhlalaphansi ukuze lolu daba silufake eNkantolo yoMthethosisekelo,” kusho iSilo.

OLUNYE UDABA: Akukho muntu ozophucwa umuzi wakhe - EFF

Uthi wamxwayisa uMengameli Cyril Ramaphosa ngokubaluleka komhlaba esizweni samaZulu.

“Ngamtshela ukuthi kuthina maZulu, umhlaba ufana nomama nobaba kithina ngoba siziphilisa ngawo, sihlala kuwona. Uyingubo yokulala kithina ngoba yilapho sifihlwa khona uma silala ungunaphakade. Umhlaba uyinyama nomphefumulo esizweni samaZulu,” kusho iSilo.

ISilo sithi sizokhuluma namabhange ayisithupha amakhulu kuleli ukuze kuzovulwa ama-akhawunti okuzofakwa kuwona imali.

“Ngifuna u-R5 nje kuphela, kodwa abanawo amandla bavumelekile ukunikela ngokungaphezulu. Ngifuna ukutshela labo abasemadleni ukuthi uhulumeni akakwazi ukwenza izinto engakhulumanga nathi,” esho.

- The Mercury

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...