ISilo samaBandla sibizele uMengameli Zuma emhlanganweni

2018-02-05 13:59

Durban - UMengameli Jacob Zuma ubizelwe emhlanganweni ophakathi kwakhe neNkosi yamaZulu uGoodwill Zwelithini enyakatho yeKwaZulu-Natal ngoMsombuluko.

Umhlangano uqinisekiswe abasebukhosini; okuyisikhulumi iNkosana Thulani Zulu kanjalo neNkosana uMbonisi Zulu.

Akekho noyedwa odalule ukuthi lo mhlangano umayelana nani noma kungani iSilo samaBandla siwubizile. Inkosana uMbonisi ithe ilibangise kulo mhlangano.

OLUNYE UDABA:Akangehli esikhundleni uMengameli Zuma - BLF

Umhlangano wangoMsombuluko uza ngemuva kwezingxoxo ebeziphakathi kwezikhulu ze-ANC noZuma ngeSonto ebusuku mayelana nokugudluzwa kwakhe esikhundleni.

Abaholi bamaqembu aphikisayo, oJulius Malema noBantu Holomisa, bathi uZuma utshele izikhulu ze-ANC ukuthi yena ngeke ehle esikhundleni ngoba uyilandelile inqubo yomthetho.

Khonamanjalo, eGauteng imibhikisho ye-Hands Off Zuma ebihlelwe yiqembu iBlack First Land First iyaqhubeka. Le mibhikisho ihambisana nomhlangano weNational Working Committee ye-ANC okuyiyo ezodingida ngekusasa likamengameli.

 - TimesLive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...