Isililo kushona udokotela nonesi eThekwini

2017-02-06 18:01

Durban – UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uzwakalise ukudumala ngokushona kukadokotela ogogode eCuba kanye nonesi obesafunda, ezigamekweni ezimbili ezehlukene ngempelasonto.

Okhulumela uMnyango u-Agiza Hlongwane uthe lo nesi obesafundela umsebenzi uzibulale ngokuthi azisacaze phansi esuka esitezi sika-16 e-Addington Hospital ngeSonto ntambama.

Ube eseshonela khona lapho.

Kwesinye isigameko, udokotela owaqeqeshelwa lo msebenzi eCuba ushone ngokukhulu ukuzuma kulandela ukuzikhipha nabangani bakhe.

UHlongwane uthe udokotela, obesebenzela ePrince Mshiyeni Memorial Hospital, ubezikhiphile nabangani bakhe kuyiwe eMlazi wathi uma esebuya wangazizwa kahle.

OLUNYE UDABA: Asibathumelanga eCuba ukuba bayothandaza - Dhlomo

Abangani bakhe babe sebemphuthumisa esibhedlela, okuyilapho kufike kwaqinisekiswa khona ukuthi akasekho emhlabeni, kuqhuba uHlongwane.

UNgqongqoshe woMnyango uSibongiseni Dhlomo uthe badumele kakhulu ngokushona kwalezi zisebenzi zikahulumeni wathi kubuyisela emuva imizamo yokuhlinzeka abantu ngosizo lwezempilo ngokuthi kwandiswe abasebenzi.

"Kulokhu nje silahlekelwe kakhulu ngoba lo dokotela ubegogode eCuba kanti besiludinga kakhulu ulwazi abuye nalo. Kubuhlungu nokulahlekelwa unesi njengoba umndeni wakhe, umphakathi noMnyango bebesabheke lukhulu kuye."


 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kuvalwe isikole kubhikisha abafundi

Emizuzwini eyi-36 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Mild. Pta: 17-25°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 15-21°C Mostly cloudy. Mild. Bloem: 12-26°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 17-24°C Morning clouds. Mild. PE: 15-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...