Isikole sikhala ngokubhecwa ngobende inyama singayidlanga

2017-03-08 09:30

Durban - Abanye bothisha baseMondimi High School, eMpangeni, bakhala ngokubhecwa ngobende inyama bengayidlanga.

Kuvele ukuthi ngo-2014 abafundi bakamatikuletsheni kulesi sikole babhala izivivinyo ze-NCS zokuphela konyaka kodwa eminye yemiphumela babanjelwa yona, besolwa ngokupela.

Laba bafundi baqale babanjelwa isifundo seLife Science neseMathematics. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi imiphumela yeMaths yadedelwa, kwaphoqeleka ukuba iLife Science bayibhale kabusha.

Ngokusho kwemithombo engaphakathi kulesi sikole, namanje akwaziwa ukuthi kuqhubekani ngophenyo mayelana nezinsolo zokukopela kwabafundi.

“UMnyango wabikelwa (ngesinye sezikole) ngezinsolo zokukopela kwabafundi, wavele wabamba imiphumela. Sisola ukungezwani kwezikole kanye nomona ngalokhu,” kusho umthombo.

Lo mthombo uthi okubuhlungu kakhulu ukuthi namanje kunabafundi engaqhubekeli phambili impilo yabo ngenxa yokuthi abakazitholi izitifiketi zikamatikuletsheni nakuba sebasibhala kabusha isifundo okwakusolwa ukuthi basikopela.

OLUNYE UDABA: Buka: Kushone oyedwa itekisi ishayisana nemoto yemali

OseMnyangweni wezeMfundo eKZN, elingeke lidalulwe igama lakhe ngoba akagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, uthe zike zibe khona izinsolo zokuthi othisha bakopelisa abafundi ngoba befuna izinga lokuphasa libe phezulu esikoleni.

“Lento yimbi ngoba abantu abangena enkingeni lapha kuba yizingane zesikole. Impilo yothisha yona iqhubekela phambili uma kusenziwa uphenyo,” kusho umthombo.

Khonamanjalo, okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMuzi Mahlambi, uthe uma abafundi baseMondimi - abanezitatimende ezimbili - befuna ukuzihlanganisa noma ukwenza isitifiketi esisodwa, kumele baye emahhovisi oMnyango eMpangeni ukuze bezolungiselwa.

Ebuzwa ngezinsolo zokuthi uMnyango waqalisa uphenyo ngoba nakhu uncizwe indlebe ngesinye sezikole, uMahlambi akafunanga ukuphawula ngalolu daba, kodwa kuvele ukuthi uMnyango kuyenzeka ubikelwe ngamalungu omphakathi ngezinsolo zokukopela kwezikole.

Kodwa noma kunjalo, ngokuvamile izinsolo zisuke zingelona iqiniso futhi-ke kuningi okubhekisiswayo uma kunezinsolo zokukopela.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More clouds than sun. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...