Isikhulu se-ANC sinikele ngemali yecala ezisulwini zesiphepho saseKapa

2017-06-15 16:00

Mbombela – Lowo owayenguMgcinimafa Jikelele we-African National Congress (ANC), uMathews Phosa, usegcine isethembiso asenza sokunikela ngengxenye yemali ayithola kuNdunankulu waseMpumalanga, uDavid Mabuza, ezinhlanganweni ezingenzi nzuzo.

Ngenyanga edlule, iJaji laseNkantolo eNkulu yaseGauteng, uBill Prinsloo, wayalela uMabuza ukuthi akhokhele izindleko zecala zikaPhosa kulandela ukukhala kwakhe ngaphansi esimangalweni sasenkantolo nalapho ayemangalele khona uPhosa ngokumehlisa isithunzi.

Lokhu kwenzeka ngemuva kokuthi uPhosa avuma ukuthi udlulisele umbiko, osola ukuthi uMabuza wayeyimpimpi kahulumeni wobandlululo, empimpa izikhulu eziphezulu ze-ANC.

OLUNYE UDABA: UZuma ozohambela indawo eyashiswa umlilo

UMabuza waziphika izinsolo zokuba yimpimpi.

UPhosa ukuqinisekisile ngoLwesithathu ukuthi uMabuza useyikhokhile imali, elinganiselwa ku-R900 000, esebenzisa ummeli wakhe, uDavis Mculu emasontweni amabili adlule.

Uthe usevele usenikelile ngengxenye yemali, ngaphezu kuka-R100 000 kwiKhayelitsha Development Forum kanye nebandla, iSt. Paul's Church, neliphinde lihlalise ezinye zezisulu zesiphepho sakamuva eKapa.

“Ngibeke phambili izisulu zezikhukhula ngoba isimo sazo besisibi kakhulu. Ngiphinde nganikela ngenye yemali ebandleni ukuze bezokwazi ukuthenga izingubo zokulala kanye nomatilasi,” uPhosa usho kanjalo.

Uphinde wathi uzonikela ezinkampanini ezingekho ngaphansi kukahulumeni eMpumalanga kanye naseLimpopo ngeNyanga kaMandela (Julayi). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...