Isihluku ubaba nendodana beshisa izinja zakamakhelwane

2017-03-27 12:33

Pretoria - Kuboshwe ubaba wekhaya ngemuva kokuba yena nendodana yakhe besolwe ngokuthungela ngomlilo izinja zakamakhelwane eWinterveldt, enyakatho yePitoli.

Umnikazi wezinja, uJudith Hlatshwayo uthe, ubesekamelweni lakhe ebuka ngewindi kushiswa izinja zakhe.

"Bekubuhlungu. Namanje ngisashaqekile. Izinja zami bezihlanganisa unyaka ngoJabuwari. Bezisangabadlwane.

"Namanje angikukholwa engikubonile. Le ndoda inesihluku esibi," kusho uHlatshwayo.

OLUNYE UDABA: Isihluku kudlwengulwa owesimame namadodakazi akhe

Lezi zinja bezingama-pitbull, amagama azo bekungoSaddam noHitler.

Umhloli wase-SPCA uMishack Matlou uthe wathola ucingo ngoLwesihlanu oluvela kuHlatshwayo owayekhungathekile ebika ngomakhelwane wakhe oshisa izinja zakhe.

Ngesikhathi ngifika endaweni yeisgameko ngifike ngathatha inja eyodwa ngayiphuthumisa emtholampilo wezinja kodwa yafike yabulawa ngoba ibilimele kakhulu.

Umhloli uthe ukhathazekile ngalesi sigameko.

UMatlou uthe isigilamkhuba sithe besesikhathele izinja ngoba bezidla izinkukhu zaso.

Yize kunjalo uHlatshwayo uthe izinja bezithanda ukudlala futhi bezingaphumi egcekeni.

 - The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...