'Isigwebo sentambo asilehlisi izinga lobugebengu'

2016-04-06 17:07

Johannesburg - Owe-Amnesty International uMuleya Mwananyanga uthi siyanda isibalo sabantu abalindele ukulengiswa kulandela ukunikwa isigwebo sentambo.

Ekhuluma ohlelweni iMorning Live, ku-SABC, uMwananyanga uthe abukho ubufakazi bokuthi isigwebo sentambo sehlisa izinga lobugebengu emhlabeni.

Funda nalolu daba: UMengameli Zuma umemezele usuku lokhetho

I-Amnesty International ikhiphe umbiko oveza ukuthi siyanda isibalo sabantu abalengiswayo kulandela ukunikwa isigwebo sentambo ngamacala abo.

Balinganiselwa kwabangu-1 634 abantu ababulawa ngesigwebo sentambo emhlabeni ngo-2015 nje kuphela.

Uthe isigwebo sentambo sephula ilungelo lomuntu lokuphila,  nelungelo lokuphila ngaphandle kokuhlukunyezwa.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-25°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 10-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Rain showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 15-22°C Scattered showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...