Isiguli esingalutholanga usizo sibuye sesihlome ngocelemba, sahlasela unogada

2017-12-22 16:00

Johannesburg - Kuboshwe isiguli ngoLwesithathu ntambama emtholampilo eNew Brighton ePort Elizabeth ngokubamba inkunzi unogada sihlomile.

Kusolakala ukuthi isiguli besihlome ngocelemba sikhashwa ngumngani waso ngesikhathi bebamba inkunzi unogada esangweni, bamphuca iselula yakhe.

La madoda womabili aneminyaka ebalelwa ko-20 ubudala afike ngezithuba zabo-12:30 emtholampilo ase ehlasela onogada.

UWinkie Mngqibisa we-Young Nurse Indaba usigxekile lesi sigameko.

OLUNYE UDABA:Kuhlaselwe unogada kubanjwa inkunzi imoto yemali

Utshele iDaily Sun ukuthi: "Isiguli sihlasele onogada sabaphuca oyedwa wabo iselula. Lesi siguli besisemtholampilo ngoMsombuluko kwaba nokungaboni ngasolinye phakathi kwaso nonogada.

"Sabuya ngoLwesibili ngezithuba zabo-16:00 sizokwelashwa amanxeba. Sasitshela ukuthi isikhathi kasisavumi, kodwa savele savuka indlobane.

"Namuhla sibuye nomngani waso, sihlome ngocelemba, sahlasela onogada. Sithathe isinqumo sokuvala umtholampilo ngoba omunye umsolwa ubalekile.

"Asiphephile kule ndawo kanti lokhu kuphazamisa ukusebenzela umphakathi.""

Isikhulumi  soMnyango uSizwe Kupelo uthe: "Isigebengu sihlasele unogada emtholampilo iNew Brighton, siphethe ucelemba omkhulu esigamekweni sokuzama ukuphanga. Isigilamkhuba siboshwe ngamaphoyisa."

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Andre Beegte usiqiunisekisile lesi sigameko.

Umama kaomsolwa uvumile ukuyikhokha iselula.



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...