Isigebengu sizidubule esigamekweni sokuphanga

2017-09-13 11:00

Port Elizabeth – Osolwa ngokubamba inkuzni uzidubule onyaweni ngesikhathi ehilizisana nesisebenzi esitolo esidayisa amaselula eTraduna Mall, ePort Elizabeth, ngoLwesibili, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.

Isigameko senzeke ngesikhathi abasolwa abathathu, ababili kubona ebebephethe izibhamu, bengena esitolo besabisa izisebenzi, kusho okhulumela amaphoyisa e-Eastern Cape uSandra Janse van Rensburg esitatimendeni.

Abasolwa bafune amaselula kanye nokhiye balapho kugcinwa khona imali.

UVan Rensburg uthi ngesikhathi esinye sezigebengu sikhombe ngesibhamu izisebenzi, esinye sezisebenzi sibambe isibhamu somsolwa sabe sesiqhuma, wadubuleka onyaweni.

OLUNYE UDABA: Ubuyela enkantolo uManana ngecala lokushaya

Abasolwa babaleke ngokushesha endaweni yesigameko bephethe amaselula kanye nama-laptop. Asikho isisebenzi esilimele.

Amaphoyisa aphenya ngecala lokuphanga.

UJanse van Rensburg weluleke ngokuba izisulu zingazami ukulwisana nezigebengu uma zikhonjwa ngezibhamu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...