Isifile iCosatu, kusho uVavi

2016-08-31 19:01

Johannesburg - Owayengunobhala Jikelele womfelandawonye iCosatu uZwelinzima Vavi akumethusanga ukushiya kwenyunyana iFood and Allied Workers Union (Fawu) kulo mfelandawonye, wathi iCosatu yaqala ukungabi namsebenzi ngesikhathi ixosha iNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa), kubika iThe Citizen

Lokhu kulandela ngemuva kokuba iFawu iziqhelelanise neCosatu ngoMsombuluko.

OLUNYE UDABA: INumsa ibabela enkantolo ngolweCosatu

"Akungethusi ukushiya kweFawu kwiCosatu kanti futhi ngingasho nje ukuthi kunenye inyunyana ezihamba kungekudala, iSA Commercial, Catering and Allied Workers Union," kusho uVavi.

"Amanye amanyunyana eCosatu  asevele afile, iCosatu isifile, kuphelile ngayo."

UVavi uthe kuzomenyezelwa umfelandawonye omusha maduze.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...