Isichazwe njengeqhawe inja esindise umniniyo

2016-01-21 13:32

Bloemfontein – Inja enesibindi, yohlobo lweJack Russell, ishone izama ukusiza umnikazi wayo okhulelwe kanye nendodakazi yakhe eneminyaka emibili ubudala ngesikhathi behlaselwa yinyoka.

Inja eneminyaka eyisithupha ubudala, uJamal, ife ngemuva kokubulala inyoka ngoLwesibili ntambama, kusho umnikazi wayo uKaren van der Berg.  

UVan der Berg, 32, uthi ubebhukuda nendodakazi yakhe emzini wabo osePetrusburg, eFree State ngesikhathi sesehlakalo.

Funda nalolu daba:  Bonke abashonile bebengabokufika

"Bengicabanga ukuthi inja ibikhonkotha igundane, kodwa ngabona ubuso bayo sebushintsha. Ngabona ukuthi inzima lento eyibonayo,”usho kanje.

Uthi uthuke wacishe woma ebona inyoka engu-1.5m ubude.

"Ngesikhathi inja ilwa nenyoka, ngithathe indodakazi yami ngabaleka nayo ngaya endlini ngayobiza umyeni wami.”

"Inja yethu ibeyiqhawe,” kusho uVan der Berg.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...